UMthetho-sivivinywa uhlose ukuba usungule uhlaka lokushaywa kwemithetho kanye nokulawula okuzoqondana nomkhakha wezempilo eNingizimu Afrika yonkana. Ukuze izinsizakalo zezempilo kubhekanwe nazo ngempumelelo, uMthetho-sivivinywa ufuna ukuba kube khona ukulingana ekwethulweni kwezinsizakalo ngokusungula izinqubo namazinga, izinhlaka kanye nezinqubo-migomo zikazwelonke.
ISahluko 1 siqukethe imithetho ephathelene nezinhloso zoMthetho-sivivinywa, isibopho somnyango wezempilo kanye nelungelo lokuthola usizo lokwelashwa mahhala. Sidingida ukusetshenziswa nokuhunyushwa komqondo womthetho-sivivinywa. Kuhloswe ukuthi uMthetho-sivivinywa lona usetshenziswe ezingeni likazwelonke futhi wengame eminye imithetho ephathelene nezempilo ngokwesigaba 146 soMthetho-Sisekelo, uma kungahle kuqhamuke isimo sokushayisana phakathi koMthetho-sivivinywa kanye neminye imithetho yezempilo. Okuyizona zinhloso zangempela zoMthetho-sivivinywa ukufezekisa isibopho sikaHulumeni ngokoMthetho-Sisekelo ngokumalungana namalungelo aphathelene nezinsizakalo zokunakekelwa ngokwezempilo, kanye nokusungula uhlelo lukazwelonke lwezempilo oluqondene nabanikeza usizo lwezempilo bakahulumeni kanye nabazimele kanye noluzonikeza izakhamuzi zaseRiphabhuliki usizo lwezempilo oluseqophelweni eliphezulu kangangokungathengwa yimali ekhona. Lesisahluko sizama ukweneka isibopho sikaNgqongqoshe wezeMpilo (uNgqongqoshe) sihlukaniswe nalezo zeminyango kuzwelonke nasezifundeni kanye nezomasipala. LesiSahluko sibuye sizame ukunikeza uNgqongqoshe amandla okushaya imithetho-migomo ehambisana nokuhlinzekwa kosizo lwezempilo lwamahhala kuzigaba ezithize zabantu.
ISahluko 2 sona siqukethe imithetho ephathelene namalungelo nemisebenzi yalabo abasebenzisa izinhlelo ezihlinzeka usizo lokunakekelwa kwezempilo. Amalungelo abasebenzisi mayelana nolwazi ngezinsizakalo zezempilo, izinsizakalo zokwelashwa eziphuthumayo, kanjalo nokubamba iqhaza ekuthathweni kwezinqumo ezimalungana nempilo yabo kanye nokwelashwa kwabo kuyaziswa, kanjalo nelungelo lomsebenzisi lokunikezwa ulwazi oluphathelene nempilo yakhe kanye nokwelashwa kwakhe. Kubuye kubhekelwe nokukhishwa kwemibiko yokuthi umuntu usephumile ngaphansi kohlelo lokwelashwa kanye nokunikezwa kwemvume eyazisekile. Kukhona imithetho ebhekela ukulawulwa kokwelashwa ngokwezinhloso zocwaningo kanye nokugcinwa kwamarekhodi yizikhungo zezempilo. Lesisahluko sibuye sibhekele ukwethulwa kwezikhalazo zabasebenzisi kanye nabanye abantu eziphathelene nezikhungo zezempilo kanye nokulindeleke kubasebenzisi ngempilo yabo, ukusebenzisa kwabo izikhungo zezempilo kanye nobudlelwano babo nabahlinzeka usizo lokunakekelwa kwezempilo.
ISahluko 3 siqukethe imithetho ephathelene noMnyango kaZwelonke wezeMpilo. Sibhekela ukusungulwa koMkhandlu kaZwelonke wezeMpilo lapho kuzohlanganyela khona uNgqongqoshe kanye namalungu esiGungu esiPhakeme sezeMpilo (okungoNgqongqoshe bezifunda), nekhansela likamasipala elimele uhulumeni wasekhaya, noyinhloko yoMnyango wezeMpilo kuMbutho wezeMpi waseNingizimu Afrika (SAMHS) kanye nezinye iziphathi-mandla eminyangweni yezempilo kuzwelonke nasezifundazweni. LesiSahluko sinohla lwemisebenzi namandla oMkhandlu kaZwelonke wezeMpilo, okufanele isebenze ukweluleka uNgqongqoshe. LesiSahluko sibuye sisungule iKomidi likaZwelonke lokweLuleka kwezeMpilo. Amalungu aleliKomidi yizinhloko zeminyango yezempilo kuzwelonke nasezifundazweni, yilowo oyinhloko yoMnyango wezeMpilo kuMbutho wezeMpi waseNingizimu Afrika (SAMHS) kanye nabamele ohulumeni basekhaya. LesiSahluko sibuye sigunyaze uMqondisi-Jikelele woMnyango kaZwelonke wezeMpilo ukuba akhe amasu kazwelonke ezempilo. Kubuye kwabhekelwa nokusungulwa kwesiGcawu sikaZwelonke sokuBonisana ngezeMpilo esizokusebenza ukuhlanganisa izinhlaka ezehluka-hlukene kwezempilo ezingeni likazwelonke.
ISahluko 4 siqukethe imithetho ephathelene neMinyango yezeMpilo yeziFundazwe. LesiSahluko sibeka isibopho phezu kwaleminyango ukuba yenze ngokuhambisana nenqubo-mgomo kazwelonke yezempilo ngaphansi kwezimo ezithize. Kubhekelwe ukusungulwa kwemikhandlu yezempilo ezifundeni ezimisebenzi yayo iyisibuko saleyo yoMkhandlu kazwelonke, kodwa ke yona ibe izokwenziwa ezingeni lasezifundazweni. Kuzokusungulwa amaKomidi eziFundazwe okweLuleka kwezeMpilo kanti azokwenza imisebenzi efanayo naleyo oMkhandlu kaZwelonke, kodwa ibe yenziwa ezingeni lezifundazwe. Lesi Sahluko sibuye sigunyaze ukwakhiwa kwamasu ezempilo kuzifundazwe bese ethulwa kuMqondisi-Jikelele. Kubuye kwabhekelwa ukuba oNgqogqoshe bezifunda basungule iziGcawu zeziFundazwe zokuBonisana ngezeMpilo ukuze kwabelwane ngolwazi futhi kuxhunyanwe ngezindaba eziphathelene nezempilo kulabo abangababambi-qhaza abehluka-hlukene.
ISahluko 5 sisungula uhlelo lwezempilo lwezifunda eRiphabhuliki, lokhu kwenziwa ngokulandela izimiso-mgomo ezithize. Sibuye sibhekele ukuklanywa kwezifunda zezempilo, lokho kwenziwa ngokucabangela imingcele ebekiwe ezindaweni zomasipala kanye nokwenganyelwa nokuphathwa kwezempilo. Sidingida ukwethulwa kwezinsizakalo zezempilo komasipala kanti sigunyaza ukwethulwa nokuhlelwa kwamasu ezifunda ezempilo. Sibuye sibhekele amalungiselelo esikhashana aphathelene nezinsizakalo ezempilo komasipala.
ISahluko 6 siqukethe imithetho ephathelene nezikhungo zezempilo. Lemithetho yengamele ukwehlukaniswa ngezinhlobo, ukusungulwa kanye nokusebenza kwezikhungo zezempilo futhi siqukethe imithetho eyengamele izitifiketi zesidingo. NgokwalesiSahluko, akuzukwenzeka ukuthi noma ubani asungule, akhe, aguqule kumbe athole isikhungo sezempilo kumbe ihhovisi lezempilo ngaphandle kwesitifiketi sesidingo. Kubhekelwe ukufezekiswa, izimvume kanye nezixazululo mayelana nokuhambisana nezimo ezibekiwe ngezitifiketi zesidingo, kanye nezimo ezithize ezihambisana nokuhlinzekwa kwezinsizakalo zezempilo ezikhungweni zikahulumeni, lokho kunikeza uNgqongqoshe amandla okunquma ngalezo zimo. Kubuye kubhekelwe nokuqokwa kwamabhodi asezibhedlela nguNgqongqoshe nawoNgqongqoshe bezifundazwe (oMEC). Ukwethulwa kwezinsizakalo zezempilo ezikhungweni ezingesizona ezempilo, njengasezikoleni nakwezinye izikhungo zomphakathi, kuyadingidwa kulesiSahluko. UNgqongqoshe unikezwe amandla okunquma ngokwelapha kwezinyanga nabanye abelaphi bendabuko kanye nokwenzeka ezizindeni zendabuko zokukhuliswa kwabafana. Imithetho eyengamele ubudlelwano phakathi kwezikhungo zikahulumeni zezempilo kanye nezizimele, iqukethwe kulesi Sahluko. Izikhungo ezizimele zinesibopho sokuthatha umshwalense wokuvikela abasebenzisi kumonakalo othize ongase ube khona.
ISahluko 7 siqukethe imithetho ephathelene nokuhlelelwa kwemithombo yabasebenzi kanye nezikhungo zezempilo ezixube ukuqeqeshwa kwabasebenzi bezempilo. Ziningi ke izibopho ezibekwe phezu koMkhandlu kaZwelonke wezeMpilo mayelana nokuhlinzekwa nokuhlelelwa kwemithombo yabasebenzi, kanti kunemithetho ebhekele ukwakhiwa kemihlahla-ndlela yokusatshalaliswa okufanelekile kwabahlinzeki bonakekelo lwezempilo kuzifundazwe. IsiGcawu semiKhandlu eseMthethweni soNgoti bezeMpilo sisungulelwe ukuthi sibhekane nezindaba zawongoti bonke bezempilo kumikhandlu eyehluka-hlukene. UNgqonqgoshe unikezwe amandla okusungula izikhungo zezempilo ezibuye ziqeqeshe abasebenzi bezempilo ngokubambisana noNgqongqoshe wezeMfundo.
ISahluko 8 siqukethe imithetho ephathelene nokulawulwa kokusetshenziswa kwezicubu, igazi, imikhiqizo yegazi, namagamethi kubantu. Kusungulwa uhlelo olulodwa lukazwelonke lokuthekela ngegazi. UNgqongqoshe unakho ukuqoka izikhungo ezithize ezigunyaziwe ngezinhloso ezithize, lokho kumbandakanya ukusetshenziswa nokuhlinzekwa kwezidumbu zabantu, izicubu nemikhiqizo yegazi, futhi angabeka imigomo ethize ngokususwa nokusetshenziswa kwezitho nezicubu, igazi namagamethi kubantu abaphilayo. iSahluko sibuye sibe nemithetho evimbela ukusetshenziswa kwamagamethi namazayigothi ngokofuzo kanye nokwakhiwa-sakudala komuntu ofana nomunye ngezicubu zakhe. Sibuye futhi silawule ukucwaninga ngamaseli ayizakhamuntu futhi kubekwe nezijeziso zokwephulwa kwemithetho eqondene nalokhu. Kukhona izimfuno ezithize ezibaluliwe ezimalungana nokufakelwa kwezicubu, futhi kulawulwa nokususwa kwezicubu negazi nemikhiqizo yegazi kanjalo nokuphathwa kwegazi nemikhiqizo yalo. Udaba lokukhokhelwa kokungeniswa kwemikhiqizo ezweni, ukutholakala kumbe ukuhlinzeka ngezicubu, igazi, imikhiqizo yalo kumbe amagamethi kuyadingidwa kulesi Sahluko. Kunemithetho ebhekele ukulawula ukunikela nokusetshenziswa kwezitho zomzimba wabaphilayo nabangasekho, kanye nokunikezelwa kwalezo zitho nemikhiqizo kubantu nakuzikhungo ezithize. Kulawulwa nendlela okusetshenziswa ngayo izidumbu okunikelwe ngazo, izicubu, igazi nemikhiqizo yalo kumbe amagamethi, kanjalo nokuhlolwa kwezidumbu zabangasekho nokususwa kwezicubu ngesikhathi kuhlolwa lezo zidumbu.
ISahluko 9 siqukethe imithetho ephathelene nokuqapha kwezempilo, ucwaningo kanye nokwaziseka. UNgqongqoshe kulindeleke ukuba asungule iKomidi likaZwelonke lezokuCwaninga lezeMpilo emveni kokuxoxisana noMkhandlu kaZwelonke wezeMpilo. Imisebenzi yaleliKomidi kanye nakho konke okufanele kucutshungulwe yilo uma lizokunquma ngobumqoka bocwaningo lwezempilo ilotshiwe kulesi Sahluko. Indlela okungenziwa ngayo ucwaningo ngabantu nayo ibaluliwe kulesi Sahluko. iSahluko sifuna ukusungula uMkhandlu kaZwelonke woCwaningo obhekele ukuziPhatha kanye nokuhlinzeka imithetho ezokwengamela ukusungulwa nokubhaliswa kwamakomidi okuziphatha emkhakheni wezempilo. Kubhekelwe nokudidiyelwa kohlelo lukazwelonke lokwazisa ngezempilo kanti kuhlinzekelwe nemisebenzi yawomasipala nohulumeni bezifunda malungana nalolu hlelo.
ISahluko 10 siqukethe imithetho ephathelene nabasebenzi bezempilo kanye nezinqubo zokuhambisana nalemithetho. Kusungulwa ihhovisi lokuhlola izikhungo zezempilo futhi kunemithetho ebhekele ukuthi uMqondisi-Jikele asungule iHhovisi lokuhambisana namaZinga abekiwe. UNgqongqoshe kanye nawoNgqongqoshe beziFundazwe (oMEC) banikezwe amandla okuqasha abasebenzi bezempilo. Kukhona uhlelo olubekiwe oluyinkambiso eyejwayelekile lokuhlola olwakhelwe abasebenzi bezempilo kanti kunemithetho ebhekela ukuhlolwa kwendawo nempilo yayo. Abasebenzi bezempilo babuye banikezwe amandla okungena futhi bahlole izakhiwo, kanti ngesinye isikhathi banikezwa igunya kuhlola ngaphandle kwencwadi egunyazayo. Kubhekelwe ukunikezwa kwezaziso zokuhambisana nezimfuno abasebenzi bezempilo.
ISahluko 11 sinikeza uNgqongqoshe amandla okwenza imithetho-mgomo ephathelene nokuningi kwezempilo. UNgqongqoshe unesibopho sokushicilela imithetho-mgomo ehlongozwayo kuGazethi likaHulumeni ukuze kuphawulwe ngayo.
ISahluko 12 sinikeza uNgqongqoshe amandla okuqoka amakomidi elulekayo ukuze kufezekiswe izinjongo zoMthetho. Sibhekela ukunikezwa kwemisebenzi ethize nguNgqongqoshe kanye nokudluliswa kwamandla athize nguye uNgqongqoshe, oNgqongqoshe baseziFundazweni, uMqondisi-Jikelele, kanye nezinhloko zeminyango yezempilo ezifundazweni. Sibuye sibhekele ukuchithwa kwemithetho ethize futhi siqukethe namalungiselelo esikhashana azokusiza ukuba kube lula ukudlulela esigabeni esiphakathi komthetho osasebenzayo kanye noMthetho ongeniswayo.
UMthetho-sivivinywa uphakamisa ukwakhiwa kwamakomidi namahhovisi ehluka-hlukene. Lezi zinhlaka zakhiwa emazingeni kazwelonke, ezifundazwe ezifundeni kumbe omasipala. Esikhathini esiningi ke ngokoMthetho-sivinywa, akuzuqashwa basebenzi abasha; uhlelo luzokujikwa nje ngendlela yokuthi lukwazi ukwenelisa izidingo zoMthetho-Sisekelo njengalo kushiwo kuMthetho-sivivinywa. Kungahle kube khona isidingo sokususwa kwabasebenzi lapho besebenza khona, njengokuthi nje basuswe kuhulumeni wesifunda bayiswe komasipala ukuze kwenziwe izinguquko ezifanelekile ohlelweni, kanti uMnyango kaZwelonke wezeMpilo kufanele wakhe amaziko amasha futhi uqinise lawo avele ekhona.
Ukhona umthelela ngasohlangothini lwezimali ngoba uMthetho-sivinywa wakha izinhlaka ebezingekho phambilini. Kwenye inkathi, izinhlaka ezakhiwa uMthetho-sivivinywa zikhona kodwa zibizwa ngamanye amagama. UMthetho-sivivinywa ubhekela ukuthi kube khona izinsizakalo ezithize zezempilo ezingase zihlinzekwe mahhala ezikhungweni zezempilo zikahulumeni. UNgqongqoshe uzonquma ke ngezimo okungakhishwa ngaphansi kwazo izinsizakalo zamahhala. Imithelela yemali ke izohambisana nezidingo okufanele zeneliswe yilowo nayilowo muntu ongahle emukele usizo lwezempilo ngaphambi kokuba aluthole usizo lolo mahhala. UMthetho-sivivinywa ubuye uhlinzekele ukugodlwa kwemali yizikhungo zezempilo kanye nokuthelisa iziguli ngemali efanayo ngaphansi kwezimo ezithize ukuze kugwenywe ukungalingani ekufinyeleleni kuzidingo ezifundazweni.
Imithetho yezempilo kuzifundazwe kufanele ibuyekezwe ukuze ihambisane noMthetho-sivivinywa lapho uMthehto-sivivinywa wengama leyo mithetho ngokoMthetho-Sisekelo. IziFundazwe zidingeka ukuba zenze okuthize ngokoMthetho-sivivinywa njengalo kubaluliwe kuparagrafu 1 ngenhla.
UMthetho-sivivinywa washicilelwa wakhishelwa ukuthi umphakathi uphawule ngawo isikhathi esiyizinyanga ezintathu kusukela ngoNovember ka 2001. UMnyango kaZwelonke weMpilo usufakane imilomo neminye iminyango kazwelonke, nabo bonke oNgqongqoshe basezifundazweni, nezinhloko zeminyango yezempilo ezifundazweni, kanye nezinhlangano zawongoti bezempilo, kanye nezinhlangano ezingesizona izinhlaka zikahulumeni. Maningi amaqembu anentshisekelo kanye nababambi-qhaza abaphawula ngaleso sikhathi okwakushicilelwe ngaso uMthetho-sivivinywa kanti iziphawulo lezo zemukelwa zacutshungulwa uMnyango wezeMpilo kaZwelonke njengokufanelekile.
AbeLuleki bezoMthetho boMbuso kanye noMnyango wezeMpilo banombono wokuthi uMthetho-sivivinywa kufanele kubhekanwe nawo ngokwenkambiso yasePhalamende eyasungulwa ngesigaba 76 kumbe soMthetho-Sisekelo, njengalo ungena ngaphansi kwezinhlangothi ezimbili zokusebenza ezibhalwe ohlwini olukuSheduli 4 loMthetho-Sisekelo, okuthiwa "Izinsizakalo zezeMpilo" kanye "neziNsizakalo zezeMpilo koMasipala".
